10 Abayikulamba, abayikoma,abayikushaywa yisifudumezi nelanga,ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,abayise emithonjeni yamanzi.
11 Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,imendo yami iphakame.
12 Bheka, laba bayakuvela kude;bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,nalaba ezweni laseSinimi.”
13 Jabulani nina mazulu,uthokoze nawe mhlaba,niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.
14 Kepha iSiyoni lithi:“UJehova ungishiyile,iNkosi ingikhohliwe.”
15 “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?Yebo, bona bangakhohlwa,kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16 Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,izingange zakho ziphambi kwami njalo.