11 Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,imendo yami iphakame.
12 Bheka, laba bayakuvela kude;bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,nalaba ezweni laseSinimi.”
13 Jabulani nina mazulu,uthokoze nawe mhlaba,niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.
14 Kepha iSiyoni lithi:“UJehova ungishiyile,iNkosi ingikhohliwe.”
15 “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?Yebo, bona bangakhohlwa,kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16 Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17 Abantwana bakho bayashesha;abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.