15 “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?Yebo, bona bangakhohlwa,kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16 Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17 Abantwana bakho bayashesha;abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.
18 Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:bonke bayabuthana, bafika kuwe.Kuphila kwami,” usho uJehova,“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,uzibhince ngabo njengomakoti.
19 “Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyizenezwe lakho eliqothuliweyokuyakuminyana ngabakhileyo khona,nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20 Abantwana bokusweziselwa kwakhobasayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:Indawo ingumcingo kimi;sukani kimi ukuba ngihlale.
21 Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:‘Ngubani ongizalele laba,lokhu ngaphuciwe abantwana bami,ngingenalutho,ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?Ngubani okhulise laba na?Bheka, ngasala ngedwa;laba babephi na?’ ”