17 Abantwana bakho bayashesha;abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.
18 Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:bonke bayabuthana, bafika kuwe.Kuphila kwami,” usho uJehova,“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,uzibhince ngabo njengomakoti.
19 “Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyizenezwe lakho eliqothuliweyokuyakuminyana ngabakhileyo khona,nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20 Abantwana bokusweziselwa kwakhobasayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:Indawo ingumcingo kimi;sukani kimi ukuba ngihlale.
21 Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:‘Ngubani ongizalele laba,lokhu ngaphuciwe abantwana bami,ngingenalutho,ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?Ngubani okhulise laba na?Bheka, ngasala ngedwa;laba babephi na?’ ”
22 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,ngimisele abantu ibhanela* lami;bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23 Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;uyakwazi ukuthi nginguJehova,abethemba kimi abayikujabha.”