22 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,ngimisele abantu ibhanela* lami;bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23 Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;uyakwazi ukuthi nginguJehova,abethemba kimi abayikujabha.”
24 Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?
25 Noma kunjalo, uJehova uthi:“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,nempango yabacindezeli iyakophulwa,kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,ngisindise abantwana bakho.