6 yebo, uthi:“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yamiukuvusa izizwe zakwaJakobe,nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
7 Usho kanje uJehova,uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,koyinceku yababusi, uthi:“Amakhosi ayakubona, asukume,izikhulu zibone, zikhothamengenxa kaJehova othembekile,oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”
8 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;ngiyakukulondoloza, ngikubekeube yisivumelwano sabantusokubuyisa izwenokubenza badle amafa achithekileyo,
9 uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’“Bayakuklaba ngasezindleleni,amadlelo abo abe semagqumeni onke.
10 Abayikulamba, abayikoma,abayikushaywa yisifudumezi nelanga,ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,abayise emithonjeni yamanzi.
11 Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,imendo yami iphakame.
12 Bheka, laba bayakuvela kude;bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,nalaba ezweni laseSinimi.”