10 Ngokuba ama-eka* ayishumi esiviniayakuthela ibhati* elilodwa,nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”
11 Wo kubona abavuka ekuseni,ukuze balandele uphuzo olunamandla,balibale kuze kuhlwe,bashe iwayini!
12 Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,newayinikukhona emadilini abo,kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,nezenzo zezandla zakhe abaziboni.
13 Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,nabadumileyo babo bayalamba,nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
14 Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15 Abantu bayafoliswa,namadoda ayathotshiswa,namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16 kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.