17 Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18 Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19 abasho ukuthi: “Makaphuthume,asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone,kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli,sifike ukuba sisazi!”
20 Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,nokuhle ukuthi kungububi,ababeka ubumnyama bube ngukukhanya,nokukhanya kube ngubumnyama,babeke nokubabayo kube ngubumtoti,nobumtoti bube ngokubabayo!
21 Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abonabaqondile ekuboneni kwabo!
22 Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayininamadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23 abathetha ababi ngenxa yemivuzo,basuse ukulunga kwabalungileyo!