2 wasimba, wakhipha amatshe aso,wasitshala ngomvini omuhle,wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso,waqopha isikhamo kuso,wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,kepha saveza izithelo zasendle.
3 “Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda,ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.
4 Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na?Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,saveza izithelo zasendle, na?
5 Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami:ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe,ngidilize ugange lwaso,ukuze sinyathelwe.
6 Ngiyakusenza sibe yincithakalo;asiyikuthenwa, asiyikulinywa,kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
7 Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
8 Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,besondeza insimu nensimu,kuze kungabe kusaba khona indawo,kwakhe nina nodwa emhlabeni!