6 Ngiyakusenza sibe yincithakalo;asiyikuthenwa, asiyikulinywa,kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
7 Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
8 Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,besondeza insimu nensimu,kuze kungabe kusaba khona indawo,kwakhe nina nodwa emhlabeni!
9 UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.
10 Ngokuba ama-eka* ayishumi esiviniayakuthela ibhati* elilodwa,nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”
11 Wo kubona abavuka ekuseni,ukuze balandele uphuzo olunamandla,balibale kuze kuhlwe,bashe iwayini!
12 Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,newayinikukhona emadilini abo,kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,nezenzo zezandla zakhe abaziboni.