2 Ngalokho ekufikeni kwamikwaba ngani ukuba kungabikho muntu,nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na?Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa,ukuze singahlengi na?Noma angisenamandla okophula na?Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,ngenze imifula ibe yihlane;izinhlanzi zalo ziyanuka,ngokuba awakho amanzi,ziyafa ukoma.
3 Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”
4 INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundiukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihlaukuba ngizwe njengabafundi.
5 INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,mina angihlubukanga,angihlehlanga nyovane.
6 Nganika abashayi umhlane,nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;angibusithelisanga ubuso bamiekuhlazisweni nasekufelweni amathe.
7 Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza;ngalokho angijabhanga,ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha;ngiyazi ukuthi angiyikujabha.
8 Ongithethayo useduze;ngubani ongamelana nami na?Masivuke kanyekanye;ngubani omangalelana nami na?Makasondele kimi.