2 Bhekani ku-Abrahama uyihlo,nakuSara owanizalayo,ngokuba eseyedwa ngambiza,ngambusisa, ngamandisa.
3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,enze ihlane lalo libe njenge-Edene,noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,ukubonga nezwi lokuhlabelela.
4 “Ngizweni, bantu bami,ningibekele indlebe nina sizwe sami,ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5 Ukulunga kwami kuseduze,insindiso yami iphumile,izingalo zami ziyakubahlulela abantu;iziqhingi ziyangihlalela,zilindela umkhono wami.
6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini,niwubheke umhlaba phansi,ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,umhlaba uguge njengengubo,nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,kepha insindiso yami iyakumakuze kube phakade,nokulunga kwami akuyikuphela.
7 “Ngilaleleni nina enazi ukulunga,abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;ningesabi ukusolwa ngabantu,ningapheli amandla ngezithuko zabo.
8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,nebhu libadle njengoboya bezimvu,kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”