11 Mukani, mukani, niphume lapha,ningathinti okungcolileyo,niphume phakathi kwalo, nizihlambululenina eniphatha izitsha zikaJehova.
12 Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,ningahambi ngokubaleka,ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.
13 Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
14 Njengalokhu abaningi bamangala ngayoubuso bayo babonakele kunobabantu,nesimo sayo kunesamadodana abantu
15 kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.