2 Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,nanjengempande emhlabathini owomileyo;yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,yayingabukeki ukuba siyifune.
3 Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga nto yalutho.
4 Kepha yazithwala izifo zethu,yabetshatha ubuhlungu bethu,kodwa thina sathi ijezisiwe,ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
5 Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,yachotshozwa ngobubi bethu;isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
6 Thina sonke sidukile njengezimvu;yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
7 Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,ayivulanga umlomo wayo;njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,ayiwuvulanga umlomo wayo.
8 Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;ngubani esizukulwaneni sayo owacabangaukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?