5 Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,yachotshozwa ngobubi bethu;isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
6 Thina sonke sidukile njengezimvu;yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
7 Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,ayivulanga umlomo wayo;njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,ayiwuvulanga umlomo wayo.
8 Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;ngubani esizukulwaneni sayo owacabangaukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
9 Babeka ithuna layo kanye nababi;ekufeni yayinabenza okubi,noma ingenzanga indluzula,kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
10 Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo;lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala,iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi,nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
11 Ngokuhlupheka komphefumulo wayoiyakukubona, yaneliswe.Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo,iyakulungisisa abaningi,ithwale izono zabo.