6 Thina sonke sidukile njengezimvu;yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
7 Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,ayivulanga umlomo wayo;njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,ayiwuvulanga umlomo wayo.
8 Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;ngubani esizukulwaneni sayo owacabangaukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
9 Babeka ithuna layo kanye nababi;ekufeni yayinabenza okubi,noma ingenzanga indluzula,kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
10 Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo;lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala,iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi,nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
11 Ngokuhlupheka komphefumulo wayoiyakukubona, yaneliswe.Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo,iyakulungisisa abaningi,ithwale izono zabo.
12 Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu,yahlukanise impango nabanamandla,ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni,yabalwa kanye nezelelesi;yathwala nokho izono zabaningi,yakhulekela aboni.