10 Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”usho uJehova okuhawukelayo.
11 “Wena ohluphekayo,ohlukunyeziwe ungaduduzwanga,bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle,ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*
12 Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,*namasango akho ngekristalo,*nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
13 Bonke abantwana bakhobayakuba ngabafundi bakaJehova,nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
14 Uyakumiswa ngokulunga;uyakuba kude nokucindezelwa,ngokuba awuyikwesaba,nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.
15 Bheka, uma bebuthana,kungaphandle kwami,noma ngubani obuthanela wena,uyakuwa ngenxa yakho.
16 “Bheka, mina ngidalile umkhandiofutha umlilo wamalahle,azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe;mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.