13 Bonke abantwana bakhobayakuba ngabafundi bakaJehova,nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
14 Uyakumiswa ngokulunga;uyakuba kude nokucindezelwa,ngokuba awuyikwesaba,nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.
15 Bheka, uma bebuthana,kungaphandle kwami,noma ngubani obuthanela wena,uyakuwa ngenxa yakho.
16 “Bheka, mina ngidalile umkhandiofutha umlilo wamalahle,azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe;mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.
17 Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;lokhu kuyifa lezinceku zikaJehovanokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.