4 “Ungesabi, ngokuba awuyikujabha,ungabi namahloni,ngokuba awuyikujabhiswa,ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho,ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
5 Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho,nguJehova Sebawoti igama lakhe;oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho,uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
6 Ngokuba uJehova ukubizilenjengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni;umfazi wobusha ukhona omalayo na?”usho uNkulunkulu wakho.
7 “Umzuzwana omncane ngakushiya,kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.
8 Ngentukuthelo echichimayongabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana,kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela,”usho uJehova uMhlengi wakho.
9 “Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi,ngokuba njengalokho ngafungaukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni,kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela,ngikusole.
10 Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”usho uJehova okuhawukelayo.