2 Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa,nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na?Ngilaleleni nokungilalela,nidle okuhle,umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
3 Bekani izindlebe, nize kimi,nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu;ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade,izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
4 Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu,umholi nomyali kubantu.
5 Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo,nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwengenxa kaJehova uNkulunkulu wakhonangenxa yoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba ukudumisile.”
6 Mfuneni uJehova esenokutholwa,nimbize eseseduze.
7 Omubi makashiye indlela yakhe,nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,abuyele kuJehova,uyakuba nomusa kuye,yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.
8 “Ngokuba imicabango yamiayisiyo imicabango yenu,nezindlela zenuazisizo izindlela zami,” usho uJehova.