1 Olungileyo uyabhubha,akakho okubeka enhliziyweni;abantu abanomusa bayasuswa,kungaqondi muntu.Olungileyo uyasuswa ebubini,
2 angene ekuthuleni;abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
3 “Kepha sondelaninina madodana abahlola imihlola,inzalo yomphingi neyesifebe.
4 Nidlala nobani,nikhamisela bani umlomo,ninyalizela bani, na?Anisibo abantwana beziphambeko,inzalo yamanga yini,
5 nina enisha phakathi kwama-oki*phansi kwayo yonke imithi eluhlaza,enibulala abantwana ezigodiniphansi emifantwini yamadwala, na?