15 Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,ohlala kuze kube phakade,ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,ukuvuselela umoya wabathobekileyonokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
16 Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,angiyikuthukuthela njalonjalo,ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,leyo miphefumulo engiyenzileyo.
17 Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela,ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele,kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.
18 Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa;ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
19 ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi:Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova;“ngiyakumphilisa.”
20 Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo,ngokuba alunakuphumula,namanzi alo akhipha udaka nobishi.
21 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.