3 “Kepha sondelaninina madodana abahlola imihlola,inzalo yomphingi neyesifebe.
4 Nidlala nobani,nikhamisela bani umlomo,ninyalizela bani, na?Anisibo abantwana beziphambeko,inzalo yamanga yini,
5 nina enisha phakathi kwama-oki*phansi kwayo yonke imithi eluhlaza,enibulala abantwana ezigodiniphansi emifantwini yamadwala, na?
6 Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini;wona yiwo angawenkatho yakho;nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa,wenza umnikelo wempuphu.Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?
7 Entabeni ende nephakemeyouwubekile umbhede wakho;futhi wakhuphukela khonaukunikela ngomhlatshelo.
8 Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika,wazambulela omunye kunami,wakhwela embhedeni, wawandisa,wavumelana nabo,wayithanda imibhede yabo,wazibonelela indawo.
9 Waya kuMoloki uphethe amafutha,wawandisa amakha akho;wathumela kude izithunywazakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.