9 Waya kuMoloki uphethe amafutha,wawandisa amakha akho;wathumela kude izithunywazakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
10 Wakhathala ngobude bendlela,kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’Wathola amandla aneleyo,ngalokho awuphelanga amandla.
11 “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba,waze waqamba amanga,awangikhumbula,futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na?Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo,awungesabi, na?
12 Mina ngiyakumemezela ukulungakwakho nemisebenzi yakho;kepha akuyikukusiza.
13 Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule,kepha umoya uzakuzisusa zonke,ukuphefumula kuzithathe;kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe,adle nefa lentaba yami engcwele.”
14 Kuyakuthiwa:“Hlelani, hlelani, nilungise indlela,nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
15 Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,ohlala kuze kube phakade,ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,ukuvuselela umoya wabathobekileyonokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.