1 “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi,uliphakamise izwi njengecilongo,utshele abantu bami iziphambeko zabo,indlu kaJakobe izono zayo.
2 Nokho bangifuna izinsuku zonke,bathanda ukwazi izindlela zami;njengesizwe esenza ukulunga,singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso,babuza kimi izahlulelo zokulunga,bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
3 Bathi: ‘Sizileleni ukudla,ungaboni, na?’‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu,ungakwazi, na?’“Bhekani, ngosuku lokuzila kwenuniyaqhuba umsebenzi,nicindezele zonke izisebenzi zenu.
4 Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisananokushaya ngenqindi yobubi.Anisazili namuhlaukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.
5 Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yininosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe;ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga,endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na?Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzilanosuku olwamukelekayo kuJehova na?
6 “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:ukuthukulula izibopho zobubinokuxegisa imichilo yejoka;ukukhulula abacindezelwayonokwaphula onke amajoka na?