4 Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisananokushaya ngenqindi yobubi.Anisazili namuhlaukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.
5 Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yininosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe;ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga,endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na?Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzilanosuku olwamukelekayo kuJehova na?
6 “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:ukuthukulula izibopho zobubinokuxegisa imichilo yejoka;ukukhulula abacindezelwayonokwaphula onke amajoka na?
7 Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho,nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho,nokwembesa ohamba ze,lapho umbonayo,nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
8 Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa,nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane,ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho,inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
9 Khona wena uyakubiza,kusabele uJehova;uyakukhala, abesethi:Bheka, ngilapha.“Uma ususa phakathi kwakho ijoka,nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,
10 umnike olambileyo isinkwa sakho,usuthise othotshisiweyo,khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni,ukuhlwa kwakho kube njengemini.