8 Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa,nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane,ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho,inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
9 Khona wena uyakubiza,kusabele uJehova;uyakukhala, abesethi:Bheka, ngilapha.“Uma ususa phakathi kwakho ijoka,nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,
10 umnike olambileyo isinkwa sakho,usuthise othotshisiweyo,khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni,ukuhlwa kwakho kube njengemini.
11 UJehova uyakukuhola njalo,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho;uyakuba njengensimu eniselweyonanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi.
12 Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala,ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo,ubizwe ngokuthi uMvalisikhalanoMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.
13 “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha,ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele,ulibize isabatha ngokuthi intokozo,nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo,uludumise, ungahambi ngezindlela zakho,ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,
14 khona uyakuzijabulisa kuJehova,ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,”ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.