1 Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziweukuba singasindisi,nendlebe yakhe ayinzimaukuba ingezwa.
2 Kepha ububi benubunahlukanisile noNkulunkulu,nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kiniukuba angezwa.
3 Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi,neminwe yenu ububi;izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga,nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
4 Akakho omemeza ngokulunga,akakho owahlulela ngeqiniso;bethemba kokuyize, bakhuluma amanga;bakhulelwe yingozi, bazala ububi.