14 Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,nokulunga kumi kude,ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,nobuqotho abunakungena.
15 Iqiniso lisilele;osuka ebubini uzenza impango;uJehova wakubona lokho,kwaba kubi emehlweni akheukuthi ukwahlulela akukho.
16 Wabona ukuthi akukho muntu,wamangala ukuthi wayengekho omelayo;yayisimsindisa ingalo yakhe,nokulunga kwakhe kwamphasa.
17 Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi,nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe;wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha,wazembesa ukushisekela njengengubo.
18 Njengokwenza kwabo,kanjalo uyakubaphindisela:ukufutheka kuzo izitha zakhe,nokwenza kwabo kwabamelene naye,abuyisele eziqhingini izenzo zazo.
19 Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga,nenkazimulo yakhe empumalanga,ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo,oqhutshwa ngumoya kaJehova.
20 “Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi,nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,”usho uJehova.