6 Ubulembu babo abuyikuba yizingubo,futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo;isenzo sendluzula sisezandleni zabo.
7 Izinyawo zabo zigijimela ebubini,bashesha ukuchitha igazi elingenacala;imicabango yabo iyimicabango yobubi;incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.
8 Indlela yokuthula abayazi,nokwahlulela akukho emikhondweni yabo;bazenzele izindlela eziyisigwegwe,bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
9 Ngalokho ukwahlulela kukude nathi,nokulunga akusifumani;sihlalela ukukhanya,kepha bheka, ubumnyama;silindela imini,kepha sihamba ekuhlweni.
10 Siphuthaza udonga njengempumputhe,yebo, siphumputha njengabangenamehlo;sikhubeka emini njengasekuhweleleni;phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.
11 Siyagwavuma sonke njengamabhere,*siyalilisela nokulilisela njengamajuba;silindela ukwahlulela, kepha akukho,nokusindiswa, kepha kukude nathi.
12 Ngokuba iziphambeko zethuzandile phambi kwakho,nezono zethu ziyafakaza ngathi;ngokuba iziphambeko zethu zikithi,nokona kwethu siyakwazi: