9 Yathi: “Hamba usho kulaba bantu ukuthi:“ ‘Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi;bonani, bonani, kepha ningazi.’
10 Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale,nezindlebe zabo zibe buthuntu,ufiphaze amehlo abo,funa babone ngamehlo abo,bezwe ngezindlebe zabo,baqonde ngenhliziyo yabo,babuye, baphiliswe.”
11 Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?”Yathi:“Kuze kuchithwe imizi,kungabe kusaba khona ohlala kuyo,nezindlu zingabe zisaba namuntu,nomhlaba uchitheke ube yize,
12 uJehova aze adedisele kude abantu,nencithakalo ibe nkulu ezweni.
13 Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo,yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki*okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona;inzalo engcwele iyisiqu sakho.”