15 “Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,kungabe kusabakho muntu odabulayo,ngiyakwenza isivunulo esiphakadenentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.
16 Uyakuncela ubisi lwezizwe,uncele namabele amakhosi;uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,noMhlengi wakho,uMninimandla kaJakobe.
17 Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide,nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva;esikhundleni somuthi ithusi,nasesikhundleni samatshe insimbi,ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,nokulunga kube ngababusi bakho.
18 Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho,nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho,kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso,namasango akho ngokuthi iNdumiso.
19 Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini,nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.
20 Ilanga lakho alisayikushona,nenyanga yakho ayisayikuncipha,ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.
21 Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke,badle ifa lezwe kuze kube phakade,igatsha lokutshala kwami,umsebenzi wezandla zami,ukuba ngidunyiswe.