2 Ngokuba bheka,ubumnyama buyasibekela umhlaba,nesigayegaye abantu;kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.
3 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
4 “Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;babuthana bonke, beza kuwe;amadodana akho ayakuvela kude,namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.
5 Khona uyakubona, ukhazimule;inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.
6 Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;bonke abaseSheba bayakuza,balethe igolide nenhlaka,bamemezele izindumiso zikaJehova.
7 Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.
8 “Ngobani laba abandiza njengefu,nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?