5 Khona uyakubona, ukhazimule;inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.
6 Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;bonke abaseSheba bayakuza,balethe igolide nenhlaka,bamemezele izindumiso zikaJehova.
7 Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.
8 “Ngobani laba abandiza njengefu,nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?
9 Iziqhingi ziyangihlalela,imikhumbi yaseTharishishi kuqala,ukuletha amadodana akho evela kude,enesiliva negolide lawokulo igama likaJehova uNkulunkulu wakhonakoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba uyakudumisa.
10 “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,amakhosi abo akukhonze;noma ngakushaya ngentukuthelo yami,sengiyakuhawukela ngomusa wami.
11 Amasango akho ayakuvuleka njalo,awayikuvalwa imini nobusuku,ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.