9 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye,ingelosi yobuso bakhe yabasindisa;ngothando lwakhe nangokuhawukelakwakhe wabahlenga,wabanqukula,wabathwala zonke izinsuku zakuqala.
10 Kepha bahlubuka,badabukisa uMoya wakhe oNgcwele,waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
11 Abantu bakhe base bekhumbulaizinsuku zakuqala zikaMose, bathi:Uphi yena owabakhipha elwandlekanye nabelusi bomhlambi wakhe, na?Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
12 owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayoihambe ngakwesokunene sikaMose,owahlukanisa amanzi phambi kwaboukuba azenzele igama eliphakade;
13 owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,ukuze bangakhubeki, na?
14 Njengezinkomo ezehlela esigodiniuMoya kaJehova wabaphumuza.Wahola kanjalo abantu bakhoukuba uzenzele igama elimangalisayo.
15 Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.