1 Sengathi ungadabula amazulu, wehle,zizamazame izintaba phambi kwakho
2 njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni,nalapho umlilo ubilisa amanzi,ukuze wazise izitha zakho igama lakho,izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3 Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4 Kusukela endulo abantu abezwanga,abacoshanga nangendlebe,futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakhoosebenzela omhlalelayo.
5 Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.Wena wathukuthela, thina sona;sahlala kukho nasendulo;siyakusindiswa na?
6 Sonke saba njengongcolileyo,nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;sabuna sonke njengeqabunga,nobubi bethu basisusa njengomoya.