3 Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4 Kusukela endulo abantu abezwanga,abacoshanga nangendlebe,futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakhoosebenzela omhlalelayo.
5 Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.Wena wathukuthela, thina sona;sahlala kukho nasendulo;siyakusindiswa na?
6 Sonke saba njengongcolileyo,nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;sabuna sonke njengeqabunga,nobubi bethu basisusa njengomoya.
7 Kwakungekho owalibiza igama lakho,owazivusela ukubambelela kuwe,ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8 Kepha manje, Jehova, unguBaba;thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,singumsebenzi wesandla sakho sonke.
9 Ungathukutheli kakhulu, Jehova,ungakhumbuli njalo ububi.Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.