7 Kwakungekho owalibiza igama lakho,owazivusela ukubambelela kuwe,ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8 Kepha manje, Jehova, unguBaba;thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,singumsebenzi wesandla sakho sonke.
9 Ungathukutheli kakhulu, Jehova,ungakhumbuli njalo ububi.Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.
10 Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane;iSiyoni liphendukile ihlane,neJerusalema liyincithakalo.
11 Indlu yethu engcwele nemangalisayo,lapho obaba babekudumisa khona,ishisiwe ngomlilo,nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.
12 Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova?Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?