17 “Ngokuba bheka,ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha;izinto zakuqala aziyikukhunjulwa,zingene enhliziyweni.
18 Kepha jabulani,nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo,ngokuba bheka, ngilidala iJerusalemalibe ngukwethaba,nabantu balo babe yinjabulo.
19 Ngiyakwethaba ngeJerusalema,ngijabule ngabantu bami,kungabe kusezwakala izwi lokulilanezwi lokukhala.
20 “Kusukela laphoakusayikuba khona ingane yezinsuku njenexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.
21 Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;bayakutshala izivini,badle izithelo zazo.
22 Abayikwakha, kuhlale omunye;abayikutshala, kudle omunye,ngokuba izinsuku zabantu bamiziyakuba njengezinsuku zomuthi,nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bamiuyakugugela kubo.
23 Abayikushikashikela ize,bazalele izinhlupheko,ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova,nabantwana babo bayakuba nabo.