20 “Kusukela laphoakusayikuba khona ingane yezinsuku njenexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.
21 Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;bayakutshala izivini,badle izithelo zazo.
22 Abayikwakha, kuhlale omunye;abayikutshala, kudle omunye,ngokuba izinsuku zabantu bamiziyakuba njengezinsuku zomuthi,nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bamiuyakugugela kubo.
23 Abayikushikashikela ize,bazalele izinhlupheko,ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova,nabantwana babo bayakuba nabo.
24 Kuyakuthi bengakangibizi,mina ngiphendule;besakhuluma, mina ngiyakuzwa.