8 Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni,bese kuthiwa: ‘Malingachithwa,ngokuba isibusiso sikulo,’kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami:angiyikubabulala bonke.
9 Ngiyakuveza inzalo kuJakobe,nendlalifa yezintaba zami kuJuda;abakhethiweyo bami bayakulidla,nezinceku zami ziyakwakha khona.
10 ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu,nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomokubantu bami abangifunayo.
11 “Kepha nina enimshiya uJehova,nikhohlwe intaba yami engcwele,nihlelele iNhlanhla* itafula,nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,
12 ngiyakuninqumela inkemba,nikhothamele nonke ukuhlatshwa,ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga,nalapho ngakhuluma, anizwanga,kepha nenza okubi emehlweni ami,nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”
13 Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,kepha nina niyakulamba;bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,kepha nina niyakoma;bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,kepha nina niyakujabha;
14 bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.