19 “Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.