5 Yizwani izwi likaJehovanina enithuthumela ngezwi lakhe.“Abafowenu abanizondayo,abanixosha ngenxa yegama lami,bashilo bathi:‘Makazidumise uJehovaukuba sibone intokozo yenu,’kepha bona bayakujabha.
6 Yizwi lomsindo elivela emzini,yizwi lasethempelini!Yizwi likaJehovaephindisela izenzo zezitha zakhe.
7 “ISiyoni lingakabi namihelo lazala;lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.
8 Ngubani ozwile okunjalo na?Ngubani obonile okunjengalokhu na?Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na?Isizwe singabelethwa kanyekanye na?Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo,lazala abantwana balo.
9 Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova.“Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.
10 “Thokozani kanye neJerusalema,nilethabelenina nonke enilithandayo;jabulani ngenjabulo kanye nalonina nonke enilililelayo,
11 ukuze nincele,naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo,nenyiselwe,nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.”