1 Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
2 Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
3 Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
4 usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.
5 Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi: