13 Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
14 Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
15 Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
16 Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
17 UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda -- yinkosi yase-Asiriya.”
18 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.
19 Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.