4 Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”
5 UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi:
6 “Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
7 ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi -- yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo -- ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,
8 utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
9 Bhevani nina zizwe,niyakuphela amandla nokho;bekani indlebe nina mazwe onke akude:zibhinceni, kepha niyakudangala,yebo, zibhinceni,niyakuphela amandla nokho.
10 Lulekanani nokululekana,kepha kuyakuchithwa;khulumani izwi, kodwa aliyikuma,ngokuba uNkulunkulu unathi.