9 Bhevani nina zizwe,niyakuphela amandla nokho;bekani indlebe nina mazwe onke akude:zibhinceni, kepha niyakudangala,yebo, zibhinceni,niyakuphela amandla nokho.
10 Lulekanani nokululekana,kepha kuyakuchithwa;khulumani izwi, kodwa aliyikuma,ngokuba uNkulunkulu unathi.
11 Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:
12 “Ningasho ukuthi kuluzungu konkeabakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu,ningesabi abakwesabayo,nibe novalo ngakho.
13 UJehova Sebawoti,mngcweliseni yena,kube nguye enimesabayo,yebo, kube nguye eninovalo ngaye.
14 Uyakuba ngokungcwele,futhi abe yitshe lokukhubekisa,nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli,abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
15 Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”