1 Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
2 Abantu abahamba ebumnyamenibabona ukukhanya okukhulu;abahlezi ezweni lethunzi lokufaukukhanya kuyabakhanyisela.
3 Uyakwandisa isizwe,ukhulise intokozo yaso;bathokoza phambi kwakhonjengokuthokoza ekuvuneni,njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
4 Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,nenduku yamahlombe abo,noswazi lomhluphi wabouyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
5 Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwanezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,zidliwe ngumlilo.
6 Ngokuba sizalelwa umntwana,siphiwa indodana;umbuso uyakuba semahlombe akhe,negama lakhe liyakuthiwauMluleki omangalisayo,uNkulunkulu onamandla,uYise ongunaphakade,iNkosi yokuthula.
7 Umbuso uyakuba mkhulu,ukuthula kungabi nakuphelaesihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,ukuze uqiniswe, usekelwengokwahlulela nangokulunga,kusukela manje kuze kube phakade.Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.