13 Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.
14 Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeliikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga,ngalusuku lunye.
15 Ilunga nophakemeyo bayikhanda,nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.
16 Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa,nabaholwa yibo bayagwinywa.
17 Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo,ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi,nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
18 Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,buqeda amakhakhasi nameva,buthungela ezihlahleni zamahlathi,zize zifuquke insika yomusi.
19 Ngentukuthelo kaJehova Sebawotiizwe lishisiwe;abantu bangukudla komlilo,akakho osindisa umfowabo.