18 Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,buqeda amakhakhasi nameva,buthungela ezihlahleni zamahlathi,zize zifuquke insika yomusi.
19 Ngentukuthelo kaJehova Sebawotiizwe lishisiwe;abantu bangukudla komlilo,akakho osindisa umfowabo.
20 Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene,abe esalambile nokho,adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi;bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,
21 uManase u-Efrayimi,no-Efrayimi uManase,bobabili basukele kanyekanye uJuda;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.